Kutholwe isidumbu sowesifazane sinqunu

2014-12-27 13:39

Polokwane - Kutholakale isidumbu sowesifazane sinqunu futhi sinamanxeba okugwazwa ecele komgwaqo eRitavi ngokusho kwamaphoyisa aseLimpopo.

“Lesi sidumbu sowesifazane oneminyaka engu-40 ubudala besidindilizile eceleni kwemoto,” kusho uLt-Col Moatshe Moepe ngoMgqibelo.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa ahlangabezane nalesi sidumbu ngaphandle kwaseMokgolobotho ezintatha zangoMgqibelo.

Izimpahla zokugqoka zalona wesifazane kubikwa ukuthi bezisakazekile eceleni komzimba wakhe.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sowesifazane emzini wesangoma

Ngokombiko umndeni walona wesifaane ubusuwazisiwe ngalesi sigameko kanti ubusiza amaphoyisa ngeminye imininingwane ngaye.  

UMoepe uthe imbangela yalesi sigameko ibingakaziwa njengoba amaphoyisa abesaphenya ukuthi kungabe kukhona yini okwebiwe.

Uqhube wathi bakwazi ngemuva kokuhlolwa kwesidumbu ukuthola ukuthi uke wadlwengulwa noma wahlukunyezwa ngokocansi ngaphambi kokuthi abulawe.

“Ngeke sikuvalele ngaphandle ukudlwengulwa njengoba kusazohlolwa isidumbu sakhe ngodokotela,” ecacisa.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.