Kutholwe usana endlini yangasese eGoli

2015-01-20 13:36

Johannesburg -  Ushaqekile umndeni waseThokoza Ekuhruleni ovuswe wukuklabalasa kwengane abangayazi ebilaxazwe endlini uyangasese.

UBangilizwe Sidliya utshele iDaily Sun ukuthi namanje basadidekile ngokuvuswa umsindo wokukhala kwengane.

USidliya ukusho lokhu ngemuva kokutholakala kosana lilxaziwe ngoMsombuluko wekuseni.

“Ngiqale ngayizwa le ngane ikhala phakathi kwamabili kodwa ngacabanga ukuthi kungenzeka ukuthi ngeyakwamakhelwane.

Ezintatha ngiphinde ngakuzwa futhi ukukhala kwale ngane,” echaza.

Uthe eseyizwa ngezintatha le ngane uvukile wazama ukulalela ukuthi uqhamukaphi umsindo wayo nokuyilapho umholele endlini yangasese engaphandle.

OLUNYE UDABA: Kutholakale usana epayipini lesitamukoko

Uveze ukuthi uthuke woma nasozwaneni ebona lolu sana lulaxaziwe ngesikhathi evula endlini yangasese.

Umnikazi walo muzi uMatiro Motaung uveze ukuthi usashaqekile ngoba akazi ukuthi ngubani ongalaxaza ingane endlini yasese yakwakhe.

“Kuyoyonke imizi ekhona angazi kungani ekhethe ukuzoyilaxaza kwami,” esho ngokuthuka.

Amalungu omphakathi abesefikile emi ngaphandle nawo abemangele ngalesi senzo.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Patrick Mashiane uthe basezinhlelweni zokuthatha le ngane bayiyise ekhaya lezintandane wabe esenxusa onolwazi ukuba axhumane namaphoyisa.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.