Kuthungathwa amadoda angu-7 ngawokudlwengula

2014-12-27 13:39

Johannesburg – Amaphoyisa asephume inqina athuthanga amadoda ayisikhombisa athinteka ekudlwenguleni abesifazane ababili ezigamekweni ezahlukene eBolobedu South ngaseTzaneen ngokusho kwamaphoyisa aseLimpopo.

 “Sesikhiphe amaphoyisa kuzozonke izinkalo sithungatha la madoda ayisikhombisa adlwengule abesifazane oyedwa oneminuyaka engu-20 ubudala nomunye onengu-21 ubudala,” kuchaza uLieutenant Colonel Moatshe Moepe.

UMoepe uthe zombili lezi zigameko zenzeke ngoLwesihlanu ngesikhathi laba besifazane behamba nezithandwa zaboemgwaqweni ophakathi kweRelela noMoleketla.

“Isigameko sokuqala senzeke ngabo 08:00 kusihlwa ngesikhathi amadoda amabili ehlasela isoka lowesifazane oneminyaka engu-20 ubudala abebehamba ndawonye.

OLUNYE UDABA: Ubaba nendodana balahlwe awokudlwengula

Isoka libe selicela empunzini ngemuva kokuhlaselwa lashiya intombi yalo,” echaza.

Uqhube wathi le ntombi bayihudulele ehlathini bayidlwengula beshintshana ngayo.


Esigamekweni sesibili uthe amadoda amahlanu ahlangane nezithandani emgwaqweni ofanayo abamba isoka alibopha ngentambo abe esedlwengula intombi yalo phambi kwalo libukela. 

UMoepe uthe kuzona zombili lezi zigameko kuvulwe amacala okudlwengula nokushaya ngenhloso yokulimaza kanti amaphoyisa asebenzisa nalezi zithandani ukuqhuba uphenyo nokufanisa abasolwa.

Unxuse amalungu omphakathi angaba nolwazi ngalezi zigameko ukuba axhumane nomphenyi wala macala uColonel James Espach kule nombolo 082 541 7169.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.