Kwale – Amaphoyisa aseKwale athungatha inyanga mbumbuli
eneminyaka engu-50 ubudala okuthiwa idlwengule ingane endaweni yaseMaganyakulo,
eKenya.
Inyanga
lena, okuthiwa inguJuma Mwiya, ilale nengane yentombazane eneminyaka engu-14
ubudala ebilinde ukwelashelwa isifo sokuwa.
Le
ngane ibihamba nogogo wayo, uMwanamisi Mwambindo ngesikhathi kwenzeka lesi
sehlakalo.
“Umzukulu
wami sekuphele iminyaka emine ephethwe yisifo sokuwa kanti kuthe uma ngizwa
ngale nyanga, ngamyisa khona ukuze athole ukwelashwa.
Ngesikhathi sifika khona,
uvukwe yileso sifo, uMwiya wangitshela ukuthi angiphumele ngaphandle ukuze
amelaphe kahle umzukulu wami,” kusho uMwambindo.
Funda nalolu daba: Kubulawe abangu-40 ngezimpi zaseSomalia.
Uqhube wathi ngemuva kwehora, uMwiya uphume
endlini wathi akamshiye umzukulu ukuze alale kancane khona umuthi uzosebenza
kahle.
“Ngibone
kungcono ukuba ngingene ngenkani ngaphakathi ngiyozibonela ngokwami. Ngithe uma
ngingena ngabona igazi ezingutsheni zakhe,” usho kanje.
“Ngibize
omakhelwane nokuyibona abafike bazosiza ingane bayithatha bayihambisa esibhedlela
ukuze ithole ukwelashwa,” usho kanje.
Amaphoyisa endawo siqinisekisile lesi sehlakalo aphinde adalula ukuthi asathungatha le nyanga.