Kuxwayiswa ngokhilikithi ngobusuku bukaNcibijane

2014-12-30 14:34

Johannesburg – Iziphathimandla zedolobha laseGoli sezikhiphe isexwayiso emphakathini mayelana nokuqhunyiswa kokhilikithi uma sekuhlukaniswa unyaka.

“Kunemithetho okumele ilandelwe uma kusetshenziswa okhilikithi.

Empeleni abavumelekile noma yinini futhi noma yikuphi kodwa uma uma kunemigubho ethile bayavunyelwa ukuthi basetshenziswe ngendlela ehambisana nokukulandela umthetho,” kusho okhulumela leli dolobha uVirgil James ngokubika kweThe Star.

Uveze ukuthi ngobusuku obandulela uNcibijane okhilikithi bazovunyelwa phakathi kwezikhathi u-11:00 kusihlwa no-01:00 ezintatha zikaNcibijane kanti nantambama ngobusuku bukaNcibijane kusukela ngo07:00 kusihlwa kuze kushaye u-10:00 ebusuku.

OLUNYE UDABA: Ingane ishumpuke iminwe ilayitha ukhilikithi

UJames uthe kubalulekile ukuthi abantu abazobe beqhumisa okhilikithi bacabange indaba yomakhelwane nezilwane.

“Abantu kumele baqinisekise ukuthi bathenga okhilikithi babo ezitolo ezihloniphekile ngoba kungenzeka bangasebenzi ngendlela efanele uma bethengwe emgwaqweni nokuyinto engabeka impilo yabo engozini,” esho.

Uphethe ngokuthi kubalulekile ukuthi abantu bahloniphe izikhathi zokuqhunyiswa kokhilikithi ngoba uma bengazihloniphi bangazithola bebhekana nengalo yomthetho.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.