Kuzobe kungowamagqubu oweDowns neCeltic

2015-08-05 13:42

Johannesburg – Kuzobe kungowamagqubu umdlalo womqhudelwano we-MTN8 weMamelodi Sundowns neBloemfontein Celtic eLucas Moripe Stadium ngokusho kombiko.

La maqembu womabili azobhekana kule nkundla yodumo lapho iPhunya Sele Sele yabukisa khona ngeDowns ngesikhathi iyibhaxabula ngamagoli amahlanu eqandeni ngo-Ephreli kulo nyaka.

Umdlali osanda kujoyina iDowns uKeagan Dolly uthe unethemba lokuthi ezakhe zizokwazi ukuziphindiselela kule mpoxo eyenzeka ngesikhathi la maqembu edlala oweligi.

“Ukudlalela ekhaya kuhlezi kusibeka endaweni engcono kunelinye iqembu kanti sikulangazelele ukuwunqoba umdlalo wakusihlwa,” esho ngokubika kweKickOff.

OLUNYE UDABA:  Imenenja ithi bazomthathela ezomthetho oweChiefs

“Kuzobe kuwumdlalo wethu wokuqala wesizini osemthethweni kodwa abadlali abakakhohlwa okwenzeka ngesikhathi begcina ukudlala neCeltic nakanjani bazobe befuna ukuziphindiselela.”

Lo mdlali weBafana Bafana ne-Under 23 uqhube wathi ngeke azifake kwingcindezi ukuze akwazi ukusheshe athole ijezi eqenjini likaPitso Mosimane.

“Okwamanje ngifuna ukufunda kubadlali abakhulile abafike kuqala kunami eqenjini bese ngikwazi ukuthola ijezi.

ISundowns iqembu elikhulu sinabadlali abaningi abasezingeni ngakho ukuncintisana kuningi kakhulu ukuze umuntu athole ijezi,” esho. +

Umdlalo phakathi kwala maqembu uzoqala seligamenxe ihoqa lesikhombisa. 

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

             - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.