Kuzomele sisebenzise amathuba - Thuso Phala

2015-01-23 11:45

Johannesburg - Umdlali weBafana Bafana uThuso Phala ubona ukuthi iqembu lakhe lingakwazi ukumelana neqembu leSenegal elinabadlali abaqinile uma lamaqembu esebhekene kowe-Africa Cup of Nations e-Estadio de Mongomo namhlanje ebusuku.

INingizimu Afrika ifuna ukuthola amaphuzu njengoba yashaywa yi-Algeria ngo-3-1 emdlalweni wayo wokuqala, kwathi iTeranga Lions yona yaqumba phansi iGhana ngo-2-1 ngoMsombuluko.

Funda nalolu daba: Wenze izinguquko uMashaba kwelizodlala neSenegal.

UPhala, owashaya igoli leBafana emdlalweni wokuqala, uyalihlonipha iqembu abazobhekana nalo, kodwa unethemba lokuthi iBafana ingakwazi ukudlula kulo mdlalo, kubika iKickOff.com.

Lo mdlali weSuperSport United uthi: “ISenegal inabadlali abaqinile abadlala phesheya kwezilwandle futhi abadlala ibhola elihle. Bashaya iGhana, okukhomba khoba ukuthi abayona into yokudlala. Besazi kahle ukuthi kulo mqhudelwano kuzobanzima. Ngakho kuzomele uma sesibhekene neSenegal senze isiqiniseko sokuthi siyawasebenzisa amathuba,” usho kanje.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.