Kuzonqunywa ngelizayo ngabe-EFF abamiswa

2014-12-20 09:45
Cape Town - INkantolo eNkulu eWestern Cape, kulindeleke ukuthi ngesonto elizayo ikhiphe isinqumo ngesicelo se-Economic Freedom Fighters, sokuthi kuchithwe ukumiswa kwamalungu ayo ePhalamende.

IPhalamende lamisa amalungu e-EFF angu-20 kanti iqembu linamalungu angu-25.

NgoLwesihlanu inkantolo idingide ngokumiswa kwamalungu, iJaji uDenis Davis, walalela ubufakazi bommeli we-EFF uDumisa Ntsebeza kanjalo nobommeli wePhalamende uWillie Duminy.

UDavis uveze ukuthi uzokhipha isinqumo ngesonto elizayo.

Amalungu e-EFF alahlwa yicala lokuphazamisa ukusebenza kwePhalamende, ngemuva kokususa umsindo mhlaka-21 Agasti, ngesikhathi ehhahhameza uMengameli wezwe uJacob Zuma, ethi akakhokhe imali ekwalungiswa ngayo umuzi waseNkandla.

IPhalamende lizimisele ngokuphikisa nanoma yisiphi isinqumo esizovuna i-EFF, kusho isitatimende.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.