Kuzothuthukiswa intsha ngolwazi kwezamafilimu

2015-08-24 11:32
ULwandle Ngwenya oyinxusa lwalo mcimbi (Zama Nteyi)

ULwandle Ngwenya oyinxusa lwalo mcimbi (Zama Nteyi)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Uhlose ukuthuthukisa nokunikeza ithuba intsha  enekhono emkhakheni wamafilimu umcimbi Ugu Filim Festival ozobanjelwa ePort Shepstone.

NgoLwesihlanu umsunguli walo  mcimbi uSenzo Zindela ubambe ingqungquthela nabezindaba echaza ngezinhlelo ezizokwenzeka kusukela ngomhlaka 10 kuya kumhlaka 13 kuSepthemba. Kulezi zinsuku uthe intsha izothola ukucobeleleka ngolwazi ngezamafilimu nangokunye okwenzeka kulo mkhakha.

"Simeme abantu abahlukene kulo mkhakha ukuze bacobelele intsha ngolwazi lwabo.

Siyazi baningi abanti abanekhono endaweni yasoGwini kanti sizobakhuthaza futhi ukuthi babhale amafilimu.

Ziningi izigameko ezenzeka kule ndawo esingazenza amafilimu njengoba singabala isigameko saseShobashobane esenzeka Ezinqoleni ngo-1995," kusho uZiundela.

OLUNYE UDABA: UZahara usolwa ngokulaxaza uhlelo lwaka-SABC

Phakathi kwabantu abanohlonze abazocobelela intsha ngolwazi kubalwa uZolile Tshabalala owayedlala indawo kaJulia kwiGenerations, uZenande Mfenyana owayaziwa ngelikaNoluntu kuwona lo mdlalo, uMapaseka Koetle odlala indawo Dintle  kwiScandal, Israle Makoe, uMadoda Ncayiyana ongomqondisi wefilimu Izulu Lami.

UZindela uthe bazophinde bakhombise ngamafilimu ezindaweni ezahlukene ezingaphansi kuGu.

Phakathi kwezindawo okuzoba kukhonjiswa kuwona amafilimu kubalwa eMthunzi Hotel, Margate Cinema, Gamalakhe Hall, Sikanisweni High School, Ezinqoleni Hall nazeMzumbe Hall.

UGu Film Festival izovulwa ngendumezulu yomcimbi ozobe ubophele abaculi noDJ abahlukene okubalwa kubo uBhar, Zakwe, DJ Sox, 101, Qhawe nabanye.  

Le ndumezulu izobanjelwa eBackline ePort Shepstone ngomhlaka 11 kuSepthemba kanti amathikithi azotholakala ngo-R150 ajwayelekile no-R250 awezicukuthwane.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.