Kwethulwa uhlelo olusha ezikoleni zaseGauteng

2015-01-14 09:33

Johannesburg - Seziqalile ukutheleka izikhulu esikoleni iBoitumelong, eThembisa, eGoli, la kuzokwethulwa khona ngokusemthethweni uhlelo olusha lokufunda nokufundisa, iSmart Schools.

IBoitumelong Secondary School ingesinye sezikole eziyisikhombisa ezizoqala lolu hlelo.

Uhlelo luzokwethulwa yiPhini likaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi kanjalo noNdunankulu uDavid Makhura.

Funda nalolu daba: Lehlile izinga lokukhulelwa kwabafundi

Kubhekeke ukuthi umcimbi uhanjelwe nanguNgqongqoshe wezeMfundo emazingeni ayisiSekelo u-Angie Motshekga, uNgqongqoshe wezokuXhumana uSiyabonga Cwele kanjalo noNgqonqgoshe wezHwebo neziMboni uMzwandile Masina.

NgoLwesibili uLesufi ukhulume nabezindaba wathi kuzophela nya ukusetshenziswa kukashokhi namabhodi ezikoleni.

"Ziphelile izinsuku zokusetshenziswa kukashokhi namabhodi ezikoleni. Akusekho mfundi ozobhala phansi, aphathe izincwadi." 

UMnyango uhlele ukuthi ngonyaka ka-2018, zonke izikole zasemalokishini aseGauteng kanjalo nasezindaweni ezisemakhaya, zibe zihlinzekwe  ngamaTablet.

Lokhu kuzodla isamba esingu-R17 billion.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.