Lena yindebe yethu - Tinkler

2015-01-19 17:30

Johannesburg – Ibamba lomqeqeshi we-Orlando Pirates u-Eric Tinkler uveze ukuthi uselilungisile iqembu ukuvikela isicoco seNedbaknk Cup kulandela ukuqhathwa kamaqembu ngesonto eledlule.

Iqembu likaTinkler liqhathwe neqembu lasehlathini emdlalweni walo wokuqala walo mqhudelwano iTornado FC edlala esigabeni se-ABC Motsepe League eliqeqeshwa yinkakha yeBucs uJerry Sikhosana.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2013 Amabhakabhaka anenebulwa kanzima yiqembu lasehlathini iMaluti FET ngo-4-1 eCharlse Mopedi Stadium.

Ngokubika kweSoccerLaduma kulokhu uTinkler uthi bazimisele ukuthi bangabhekani nokuphoxeka abakuthola ngesikhathi bebhekene neMaluti FET.

OLUNYE UDABA: Sizimisele ngokushintsha izinto - Tinkler

“Lena yindebe yethu futhi sizoyivikela. Njengoba sizodlala umdlalo wokuqala ekhaya kubalulekile kakhulu ukuthi siqale ngegiya eliphezulu,” kusho uTinkler kwiwebsite yeBucs.

“Kunzima kakhulu ukudlala namaqembu adlala esigabeni esingaphansi ngoba akhombisa ukuzimisela okuyisimanga uma ebhekene namaqembu amakhulu.”

 “Okubuye kwenze kube nzima futhi wukuthi nabadlali bethu abagqugquzelekile ukuzinikela ngokweqile uma bedlala namaqembu amancane.

Kodwa angikuboni lokhu kuzoba yinkinga kulokhu njengoba safunda isifundo kwiMaluti FET,” enanela.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.