Lihlehlisiwe icala lebhungu eladubula abantu eGoli

2015-07-29 11:35

Johannesburg – Icala lebhungu elineminyaka engu-14 ubudala elaphuma inqina ladubula abantu eBerea eGoli lihlehlisiwe njengoba amaphoyisa esaqhubeka nophenyo.

“Leli cala lihlehliselwe umhlaka 31 kuJulayi njengoba kuqhubeka uphenyo,” kusho uSayitsheni Mduduzi Zondo.

“Leli bhungu lisagcinwe endaweni okugcinwa kuyona iziboshwa ezingaphansi kweminyaka.”

Leli bhungu livele ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yaseHillbrow ngoLwesibili.

Ubhekene necala lokuzama ukubulala nokutholakala nesibamu esingekho emethethweni.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe 2 wabasolwa eThekwini

“Lo mfana wavuka indlobane wavulela ngenhlamvu ebhekise kubantu balimala,” kusho uZondo.

Kwalimala abesilisa nabesifazane ngesikhathi bedutshulwa.

“Leli bhungu laphinde lazidubula nasonyaweni njengoba laphuthunyiswa esibhedlela lahlala ngaphansi kweso lamaphoyisa.”

Lesi sigameko senzeke ngoLwesine olwedlule.

Ngokuhamba kwesikhathi leli bhungu ladedelwa esibhedlela labe seliyigcinwa endweni ephephile.

UZondo uthe amaphoyisa asaqhubeka nophenyo njengoba esafuna ukuthola kabanzi ukuthi lasithola kanjani lesi sibhamu okuthiwa ngesikayise.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.