Limlahlile elokuhlukumeza ingane yentombi

2015-01-16 16:01
Johannesburg - Umama wasePitoli limthethile icala lokuzama ukubulala eNkantolo eNkulu yasePitoli kwathi isoka lakhe laligojela mayelana nokubulawa kwendodakazi yakhe, 2.

IJaji uNico Coetzee uthe lo wesifazane, 20, umsulwa kuwona wonke amacala abebekwe wona kepha isoka lakhe, 36, lalahlwa yicala lokuhlukumeza ingane.

UCoetze uthe uMbuso uhlulekile ukuveza ubufakazi bokuthi isoka lalihlosile ukubulala le ngane eyaziwa ngelikaBaby L, ngakho lizolahlwa yicala lokuzama ukubulala nokuvimbela ingane ukuba ithole usizo lwezempilo.

OLUNYE UDABA: Libuyela enkantolo elikaBabyL

Ijaji lithole ukuthi uBaby L wayehlukunyezwa njengoba kwakunobufakazi bokuthi washaywa ngesikhali esithile ekhanda wase ebhaxatshulwa ngento esamshiza emzimbeni.

Ingane yayisiqulekile ngesikhathi iphuthunyiswa esibhedlela ngoDisemba 2013, iphuke izimbambo yalimala nasebuchosheni.

Kuthiwa manje ikhubazekile, ayikwazi ukuhamba, ukuzidlela nokukhuluma, kanti igcinwe esikhungweni esinakekela izingane.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.