Lisengcupheni ikusasa loweBafana phesheya

2015-07-29 11:34

Cape Town – Lisengcupheni ikusasa lesihlabani seBafana Bafana uThulani Serero kwi-Ajax Amsterdam kulandela ukushiywa ngaphandle ngesikhathi iqembu lakhe lidlala umlenze wokuqala weChampions League.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala ikusasa lakhe kuleli qembu libukeka limfiliba njengoba engadlalanga nomdlalo owodwa wamalungiselelo okuqala kwesizini ezweni laDutch.

Iphephandaba laseDutch iDe Telegraaf lizwakalise ukuthi lo mdlali ugaqelwe yiqembu laseGreece i-PAOK Saloniki.

OLUNYE UDABA:IBucs kulindeleke iphothule ukusayina oweSuperSport

Kubikwa ukuthi leli qembu lizimisele ngokumsayina uSerero uma umqeqeshi we-Ajax uFrank De Boer engamfaki ezinhlelweni zakhe.  

Leli phephandaba libike ukuthi uDe Boer unabadlali abaningi basesiswini kanti lo mdlali angadedelwa ukuze athole elinye iqembu azokwazi ukuthola ijezi kulona.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlalo uke wamataniswa neqembu i-AC Milan okwabikwa ukuthi izimisele ukukhipha isamba sika-R65million ngaye kodwa kwagcina kungenzekanga.  

Kulindeleke ukuthi inkontileka kaSerero ne-Ajax iphengo ngo-2017.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.