Lizokwaziwa ngemuva kwe-AFCON ikusasa loweBafana

2015-01-02 12:30

Johannesburg – Ikusasa lomgadli weBafana Bafana naMaZulu uBongani Ndulula lizokwaziwa ngemuva komqhundelwano we-2015 Africa Cup of Nations ozobanjelwa e-Equatorial Guinea.

Ngokubika kweSoccerLaduma indaba yeskusasa likaNdulula odume ngelikaDrogba kuSuthu bese kunesikhathi idingidwa njengoba kusabalale izindaba ezahlukene ngaye.

UDrogba ozophelelwa yinkontileka noSuthu ekupheleni kwale sizini usengakwazi ukuxoxisana nanoma yiliphi iqembu elimfunayo njengoba esesalelwe yizinyanga eziyisithupha kwinkontileka yakhe.

OLUNYE UDABA: 'IChiefs igaqele uNdulula'

Kuke kwasabalala ukuthi iKaizer Chiefs imgaqele lo mgadli kanti umphathi wezindaba zalo mdlali uTim Sukazi uke waveza ukuthi kunelinye iqembu elimgaqele laseBelgium.

USukazi uthe bazothatha isinqumo ngekusasa likaNdulula ngemuva kwe-AFCON. 

“Okwamanje sisabheka amathuba esinawo kanti AmaZulu asasibekezelele okuyinto enhle.

Asifuni ukuxhamazela njengoba sisalinde ukubheka ukuthi izinto zihamba kanjani kwi-AFCON,” kusho uSukazi.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.