Lizoqulwa ngo-Agasti elokubulawa kukaSithole

2015-07-24 12:39

Johannesburg – Kulindeleke ukuba liqale ukuqulwa ngo-Agasti icala lokubulawa kowesilisa waseMozambique u-Emmanuel Sithole, ngokusho kwaNational Prosecuting Authority.

NgoLwesihlanu umsolwa ongaphansi kweminyaka kuleli cala uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ephelezelwa amalungu omndeni wakhe.

UMshushisi uJacob Tloubatla utshele iNews24 ukuthi ngemuva kokuvela kafushane enkantolo lo msolwa ongaphansi kweminyaka elingeke lidalulwe igama lakhe ngeke akwazi uklugcinwa esitokisini ngaphezulu kwezinsuku ezingu-14 ngokomthetho. 

Icala lakhe libe selihlehliselwa umhlaka 7 ku-Agasti.

Ufakazi kuleli cala naye owabe enetafula lokudayisa emgwaqweni noSithole uFabian Gomes wakwazi ukukhomba laba basolwa abane uMthinta Bhengu, Sizwe Mngomezulu, Sfundi Mzimela nalo msolwa ongaphansi kweminyaka oneminyaka engu-17 ubudala.

OLUNYE UDABA:Baboshiwe abokufika ababulale umfundi ePitoli

Laba basolwa ngokugwaza uSithole emgwaqweni wase-Alexandra ngomhlaka 18 ku-Ephreli.

UGomes watshela inkantolo ukuthi umsolwa ongaphansi kweminyaka owayehambisana nabanye abasolwa wathatha amaphakethe kagwayi etafuleni likaSithole engawakhokhelanga.

Ngemuva kwalokho babe sebeyahamba namaphekethe kagwayi uSithole wabalandela efuna umsolwa ongaphansi kweminyaka abuyise amaphakethe kagwayi.

“Ngesikhathi umufi ebalandela efuna babuyise amaphakethe akhe kagwayi bagcine bemile kwathi oyedwa wabo owabe ephethe ibhodlela likabhiya wamthela ngawo ekhanda,” kusho uGomes etshela inkantolo.

Leli cala kulindeleke ukuba liqale ukuqulwa ngomhlaka 17 ku-Agasti.3

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.