Mina noD'Banj singabangani qha: Bonang

2015-01-13 14:32
Johannesburg - Intandokazi yakumabonakude uBonang Batheba uzihlabe wazihlikiza izinsolo zokuthandana nomculi waseNigeria, uD’Banj.

Ekhuluma nabohlelo lakumabonakude iVuzu ngoMsombuluko ebusuku uBonang uthe ubudlwelwano bakhe noD’Banj obobungani kuphela, hhayi okunye.

"Mina noBanj singabangani qha. Sesazane isikhathi esingangeminyaka emine manje. Akukho okwenzekayo phakathi kwethu ngaphandle-ke uma kukhona okuzwayo okuhlukile ngaye noma ngami," kusho uBonang.

Lezi zihlabani zase-Afrika bezisematheni ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba uBonang nomngani wakhe uSomizi Mhlongo befake izithombe zakhe enoD’Banj ku-Instagram.

OLUNYE UDABA: Akudikizi nenqulu ngoBonang noD'Banj - Euphonik

Kwezinye zezithombe uBonang ubonakala egonwe nguD’Banj embheke njo emehlweni, kanti kwesinye babonakala bebambene izandla olwandle.

Kuphinde kwaphuma umbiko ovela kwabe-ynaija.com eNigeria ophikisa la mahlebezi othando phakathi kwalezi zihlabani, kubika abeSowetan Live.

"Indlela yokuzakhela udumo. Laba bobabili bayafa yinsini ngembiko ephuma kwabezindaba. Akathandani namuntu okwamanje uD'Banj, yilokho nje engingakusho," kuzwakale kusho umthombo osondelene noD’Banj.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.