Ngiyamthanda uJesu nendoda ngiyayithanda

2015-01-13 12:32
Ntombizenele Mtshali

Ntombizenele Mtshali (Own)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Cape Town - Ukuthula, igama lami ngiwuNtombizenele Mtshali, ngiwumntwana kaNkulunkulu ngiSindisiwe, ngiyamthanda uJesu kanti nesoka lami ngiyalithanda ngokufanayo, Amen.

Ngelinye ilanga ngamamukela uJesu kanti usuku nosuku ngiyamvumela angene enhliziyweni yami.

Cha bazalwane ngiSindisiwe, kuphela nje nezinto zomhlaba ngiyazenza futhi ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi azimnandi noma ngingathi akaze ngizame ukuziyeka.

Angiqondile ukuqhakambisa isono noma ukuhlambalaza inkolo, kuphela ngizama ukuveza ukwenza kwami nabanye abaSindisiwe. Uma uSindisiwe usuke usuzidonsele amanzi ngomsele emphakathini njengoba usuke usulindile ukukubona ushintsha ukwenza, ulahla okudala uthabatha okusha.

Ngiyacabanga baningi abantu abasha abazamayo ukushiya imithwalo baphile ubungcwele, ngazi ngami ngazama.

Ngazama ukushiya isoka ngiqeda ukuSindiswa - isoka laziqhubekela nempilo lazalisa, liphila buthebelele, ngisele ngiyalikhomba.

Ngenxa yokuthi inyama ifuna okwayo njengoba nomoya ufuna okwawo, ngazithola sengiphinda ngiqoma, ngaqala kabusha ngalala nesoka.

Sisindisiwe silala sazi ukuthi ukuya ocansini ungashadile kuyisono. Silala sigcwele amathemba okuthi esilala naye uzosishada kokunye kube ukuthi silala nje vele usekutshelile ukuthi uzokwenza unkosikazi.

Abanye bethu bayaqoma bazame ukuwagqobha amasoka, agcine nawo edikibala ehamba nabawaphayo.

Ngokuhamba kweminyaka nezifiso zenhliziyo, sifuna ukulamanisa izingane, abanye abakaze babe nazo kuphela bayafisa kodwa imishado ayiveli.

Sesikhulekile kwaphucuka amadolo, sazila ukudla, sazithoba phambi kukaJehova, saba ngabesifazane abankophe zimanzi kodwa nalapho umshado do.

Somele okwenkosi sazithokozisa ngoJehova kodwa nalapho sangazithola izifiso zenhliziyo yethu.

Kulo mnyama kube sekuqhamuka abaSindiswa abanakho okuningi abakufisayo, ke ngithi nje abashadile noma abanezingane zabo abanelisekile ngazo, bese bekufaka imibuzo ngokulala kwakho noma ngokujola kwakho.

Kuyenzeka ukuthi oSindisiwe washada emncane, akazazi izifiso zowesifazane okhulile oSindisiwe ongaganile.

Funda nalolu daba: Abathule abasindiswa sebeyizimfaduko

Kuyenzeka umshadikazi akujikele nikade ningabangani engabe esafuna nokuthi uxoxe ngoJabulani wakho nocansi lwenu ebenivame ukuxoxelana ngalo.

USathane osenhliziyweni yami uthi uNkulunkulu uyasiyekelela ngesinye isikhathi. Kungani ngempela sonke thina esithanda ukwenza izinto ngobungcwele, singanikwa amadoda esizolala nawo udede singahlulelwa abantu bezwe futhi singabi nokuzisola uma sesilalile?

Uma-ke umshado ungesiso isabelo, pho ivukelani imizwa yokufuna umshado nemizwa yokufuna ukukitazwa yindoda?

Ngiyazibuza-ke ukuthi uNkulunkulu unikela kanjani ngomntwana wakhe ozamile ukuzithiba, waziqoqa.

Angisazi isishoshovu somshumayeli esashada sesikhulile ngeminyaka, siyintombi egcwele, singenamlando womjolo.

Bazalwane nomphakathi kuthiwa isono siyacetshwa, siya ocansini sivuke sizisole sikhuleke sicele intethelelo ngeSonto sibe bahle sibheke emasontweni.

Kokunye sizitika ngocansi sibuya khona enkonzweni, kuyenzeka uzithole ukhuleka indoda iphezu kwakho ucela uNkulunkulu ayiphoqe ikushade kodwa nalapho do.

UNkulunkulu sibaningi siyamthanda siyathanda nokumkhonza kodwa namadoda nawo siyawathanda.

Kuze sizohlalisana ngokuthula singahlebani futhi singajajani, sengathi kungehliswa umshado kwabawufisayo nabazisolayo ngezono zabo zokulala.

Funda nalolu daba: Awasithandi amadoda 



Asixhumane ekhasini le Facebook Sis'Omdala noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com 


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.