Johannesburg – Lesi yisikhathi esimatasa kumabhizinisi ahlukene njengoba abantu
besebenzisa imali zabo ngezindlela ezahlukene ukuzijabulisa ngalesi sikhathi
sonyaka.
Nakuba amabhizinisi ephithizela kodwa kucwebile ebhizinisini lomahosha
njengoba iningi labo ikakhulukazi abasebenzela eGoli likhala ngokuthi amakhasimende
agodukile abuyela kumakhosikazi wabo.
Ngokubika kweDaily Sun omahosha abasenzela emgwaqweni uHeidleberg
eVosloorus sebeqhamuke nezaphulelo ngalesi sikhathi njengoba bentula
ibhizinisi.
Kubikwa ukuthi labo mahosha bavamise ukubizwa imali esukela ku-R20
kuya kuR50 kodwa omunye umahosha okhulume naleli phephandaba uthe ngalesi
sikhathi bazothengisela amakhasimende ngoR10.
OLUNYE UDABA:Ukhilimu uvuse ibhizinisi lomahosha
Lo mahosha uthe engakaqali
amaholidi kaKhisimusi ubejwayele ukualala namadoda angu-16 enze imali
engango-R800 ngosuku kodwa manje sekunzima nokwenza ingxenye yale mali ngosuku.
Lo mahosha uqhube wathi nasemgwaqweni kucwebile abantu abekho bagodukile
nokwenza kube nzima kakhulu ukuthi benze imali ngalesi sikhathi sonyaka.
Omunye
umahosha uthe ngendlela ekunzima ngayo bahluleka ngisho sebefonela
amakhasimende abo ajwayelekile.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter