Durban - Umholi webandla lamaSulumane
owaziwayo, KwaDukuza, usinde edutshulwa ngembumbulu yezinhlamvu, kusho
abezindaba zeDaily News.
UHaniff Pandor, 50, ukhulume nabephephandaba esesibhedlela
eStanger, wathi uyabaxolela abantu abazame ukumyisa kwagoqanyawo, wathi ukholwa
wukuthi abahlaseli kukhona ebamphambanise naye.
Imoto kaPandor idutshulwe ngezinhlamvu ezingu-23.
Kwenzeke isehlakalo uPandor ebebuye ekhaya ngoMgqibelo, ebuya
eholidini eKapa.
Funda nalolu daba: Alwa nokuhlukumeza amaSulumane e-UK
Ehlaselwa ubesemotweni nosibali wakhe uFarouk Randera, ovakashile
esuka eGauteng.
Okhulumela ibandla nongathandanga ukudalulwa, uthe bonke
bathukile ngalesi sehlakalo kanti okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane, uqinisekise
isehlakalo, wathi kuphenywa ngecala lokubulala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).