Owayegijima nelePSL usola abeqembu ngokukhubazeka

2015-07-24 08:37

Johannesburg – Owayegijima kwiPolokwane City uKopano Sekgobela engumdlali wasesiswini eqenjini usola abaphathi ngokukhubazeka kwakhe njengoba esehlala esihlwalweni i-wheelchair.

Lesi sihlabani sebhola sabandakanyeka engozini ngonyaka wango-2012 sakhubazeka.

Ekhuluma nabephephandaba iSowetan uKopano uthe usola usihlalo weqembu iPolokwane City uJohnny Mogaladi ngokukhubazeka kwakhe ngemuva kokuthi abafakele incindezi yokuba baphuthume emhlanganweni.

Ngesikhathi uKopano esendlelleni elibangise emhlanganweni wabandakanyeka engozini eyadlula nabantu abane kwalimala inqwaba. Njengamanje uKopano uthi umsebenzi wakhe washabalala noJohnny akafuni nokumsiza.

OLUNYE UDABA: Umdlali uthi akabuyeli eqenjini elimholela uR5 000

Umshwalense we-PSL wawuthola eminyakeni emibili eyedlule kanti futhi usuwaphela ngenxa yezikweletu zodokotela ngisho nayegijimanabo eqenjini sebake bazama ukumsiza kodwa bathethiswa ngumnini weqembu, okuzwakala ukuthi wathi abangazihlanganisi noKopano.

"Wabatshela ukuthi uma befuna ukuba semabhukwini amahle naye abangalinge baliphathe igama lami.Ngifuna ukwazi ukuthi samenzani ekhaya njengoba esiphatha kanje," kusho uKopano etshela abephepha.

Ngesikhathi kuxhunywana noJohnny uthe akazimisile ngokukhuluma ngodaba lukaKopano ngoba akasesiye umdlali wePolokwane City.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.