OweBafana uncome i-Orlando Pirates

2015-07-30 07:22

Johannesburg – Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba uncome ukuzimisela nokudlala kwe-Orlando Pirates emqhudelwaneni weCAF Confederationa Cup ngokusho kombiko.

Lo mqeqeshi uthe uyabahlonipha kakhulu abadlali baleli qembu ngokudlala kabo kulo mqhudelwano njengoba besaqhubeka nokuzakhela igama e-Afrika.

UMashaba uthe abadlali beBucs balikhuphulile kakhulu izinga lebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika ngoba bayakwazi ukubhekana namaqembu amakhulu e-Afrika futhi baphume phambili.

OLUNYE UDABA:Izinto zihamba kahle kakhulu, kusho owePirates

“Ungahluleka ngokuningi okumayelana nobuchule balo mdlalo kodwa uma uqinile futhi ukulangazelele ukunqoba lokho kwenza impilo ibelula.

Lokhu kwenza umqondo wakho nenhliziyo ivuleleke ikhombi intshisekelo yempumelelo,” kusho uMashaba ngokubika kweKickOff. 

“Lokhu okwenziwa yiPirates kuhle kakhulu ngoba uzokhumbula ukuthi ngo-1995 yanqoba iChampions League kwathi ngonyaka olandelayo 1996 iBafana Bafana yanqoba i-AFCON.”  

Emaqenjini aseNingizimu Afrika iPirates iyona evamise ukwenza kahle emqhudelwaneni yase-Afrika njengopa kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule yafinyelela kowamanqamu koweChampions kodwa yahluleka ukuhlaba nenkanyezi.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.