OweBucs uvuma eyokuxhumana neDowns

2015-08-24 11:36

Johannesubrg - Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uThabo Matlaba uvumile ukuthi wake wathintwa yiMamelodi Sundowns mayelana nokuyijoyina kodwa waqoka uhlala kuleli qembu laseMayfair. 

lesi siqonqwane sasemuva saheha iDowns ngokudlala ibhola elinenkosi phakathi ngoJuni wangonyaka owedlule.

UMatlaba odabuka eTembisa uvumile ukuthi nebala iDowns yamthinta kodwa wagcina engajoyinanga, kunalokho wavuselela inkontileka yakhe neBucs njengoba wayengeza ngeminyaka emihlanu.

OLUNYE UDABA: UMakola akasalali ephupha ngowe-CAF

Ekhuluma neSoccerLaduma uFestival udalule okwamenza wazinza kwiBhakabhaka. 

"Ukukhuluma iqiniso yingithinta iSundowns kodwa ngazitshela into eyodwa ukuthi ngizonikeza iPirates lokho ekufunayo njengoba ngaqoka ukuvuseleka inkontileka yami nayo. Angikaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngiyishiye iPirates. Inqobo nje uma iPirates izoqhubeka nokunginika lokhu engikufunayo ngiyohlala isikhathi eside kuyona."

"Asikaze sinikane izinkinga nePirates yingakho nami ngingafuna ukuthatha izinqumo eziphazamisa ukudlala kwami,"kusho lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala. 

UMatlaba useqalile ukuzilolonga neqembu njengoba esalulama ngemuva kokulimala. 

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.