OweChiefs akawuvali umlomo ngonozinti wePirates

2015-08-24 10:08

Johannesburg - Unozinti weKaizer Chiefs uBrillian Khuzwayo uthe ukholelwa ekutheni unozinti we-Orlando Pirates uBrighton Mhlongo usekhule ngokwanele futhi ubukela kakhulu kuyena.

UMhlongo wangena kulesi sikhundla ngemuva kwesigameko esibuhlungu sokudlula emhlabeni kukaSenzo Meyiwa ngonyaka owesdlule.

UMhlongo wangena kulezi zicathulo zikaMeyiwa owayegila izimanga kwiBucs naseqenjini leBafana Bafana.  

UKhuzwayo uthe ucabanga ukuthi lo nozinti weBucs oneminyaka engu-24 ubudala ukwazile ukubamba ngezandla zombili leli thuba alitholile futhi uyafunda kulo nozinti osalimele.

OLUNYE UDABA: UMakola akasalali ephupha ngowe-CAF

"Ngemuva kokushona ngokuzuma kukaMeyiwa, uBrighton wangena ezicathulweni ezikhulu futhi wabhekana nesimo esinzima kwiPirates kanti ngicabanga ukuthi ukwazile ukuzibamba ziqine wakhombisa ukuthi uyindoda," kusho lo nozinti weChiefs oneminyaka engu-25 ubudala etshela iSoccerLaduma.  

"Kuyangijabulisa ukubona ukuthi uyakhula futhi kuyazibonakalela ukuthi ufuna ukuba ngomunye wonozinti abahamba phambili eMzansi.

Uma ngibona uMhlongo kuyangicacela ukuthi kuningi okusamele ngikufunde ngalo mdlalo."

"Ngimbona njengonozinti ongcono kunami, kuyangijabulisa ukumbuka enza ezibukwayo kwiPirates, ngize ngifise ukube ngabe yimina lo ofana naye.

Uma singaphandle enkundleni uhlale engihlekisa futhi uyangigqugquzela, ngifuna lukhulu kuyena,"enanela. 

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.