OweChiefs uthi unethemba lokuthi ezakhe zizodlula

2015-08-05 09:10

Johannesburg – Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uthe unethemba lokuthi ubuchule bakhe  nokubuhlakani babadlali bakhe buzokwenza ezakhe zidlulele esigabeni esilandelayo emqhudelwaneni we-MTN8 uma sebebhekene neMaritzburg United.

Amakhosi angoshampeni balo mqhudelwano kanti uKomphela uzoqala lo mqhudelwano ngokudlala neqembu lakhe lakudala e-FNB Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

“Sinohlelo esizoya kulo mdlalo nalo. Umyalezo usobala futhi ngibakhumbuzile abadlali ukuthi le ndebe ngeyethu ngakho kumele siyivikele,” uKomphela etshela iwebsite yeChiefs ngokubika kweKickOff.

UKomphela uqhube wathi akulula uma isizini isaqala njengoba kumele ubheke nokuzilungiselela kwabadlali.

OLUNYE UDABA:  Asiwasebenzisanga amathuba esiwatholile - OweBucs

“Kodwa abadlali esizobafaka enkundleni ngiyathembisa ukuthi bazowenza umsebenzi.

Sizilungiselele futhi nabadlali bethu bawulangazelele lo mdlalo.”

Lona kuzobe kuwumdlalo kaKomphela wokuqala osemthethweni ngemuva kokungena ezicathulweni zikaStuart Baxter ngoJuni 2015.

NgoLwesibili kusihlwa iBidvest Wits ne-Ajax Cape Town badlulele esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano ngemuva kokunqoba imidlalo yabo.

IWits inenebule iSuperSport United ngamagoli amathathu kwelilodwa kwathi i-Ajax yahlula i-Orlando Pirates ngegoli elilodwa eqandeni.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.