OweHip Hop ulaxaze inkampani ngenxa yezinkinga

2015-08-09 12:36

Durban – Isihlabani somculo weHip Hop uZakwe ulaxaze inkampani iSphethu Records kulandela ukuhlangabezana nezinkinga ngokusho kombiko.

Ngokubika kweSunday Sun uNtokozo Zakwe ulaxaze lenkampani wabuyela enkampanini ayayimphethe phambilini iNative Rhythms.

Imithombo esondelene nalo mculi idalule ukuthi uZakwe usezehlisile wazincengela enkampanini anqoba kuyona izindonda nge-albhamu yakhe yokuqala eyabe inengoma “Bathi Ngiyachoma”.

Omunye umthombo uveze ukuthi uZakwe ulahlekelwe yikho konke abenakho ngaphansi kweSphethu Records njengoba esebuyele nkubo.

Ekhuluma naleli phephandaba uZakwe ukuqinisekisile ukuthi usehlukene neSphethu Records.

“Izikhathi zinzima angisakwazi ukumelana nezinto engangikwazi ukuzenza ngo-2012. Izikweletu ziyanda kanti nabalandeli bazogcina belibala imina uma izinto ziqhubeka ngale ndlela.

OLUNYE UDABA: Umashonisa ugcine "nama-anda" ngesikweletu somdlali webhola

Ngeke ngisabuyela kwiSphethu ngiqedile ngayo,” esho.

Imithombo iphinde yaveza ukuthi umnikazi wenkampani iSphethu uNgane Sikobi sekunesikhathi encenga uZakwe ukuba abuyele enkampanini yakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwabikwa mayelana nombango weSphethu Records neNative Rhythms ngalo mrepha.

USipho Sithole ophethe iNative Rhythms uthe kuyiqiniso ukuthi uZakwe useyilaxazile inkampani iSphethu.

“Okwamanje asikakhulumi lutho mayelana nokubuyela kwiNative Rhythms.

I-albhamu kaZakwe asanda kuyikhipha ngeyeNative Rhythms ngakho ubevele esaqhubeka nokusebenza nathi inkinga nje wukuthi ubephethwe enye inkampani.

Uma sixoxisana naye kungaba ukubuyela azophathwa yithina.”

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.