OwePirates usehlabe umqeqeshi weBafana umxhwele

2015-08-11 07:23

Johannesburg – Sekuvele imibiko ethi umdlali wasesiswini ku-Orlando Pirates, uThabo Rakhale, usedonse amehlo kamqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim ‘Shakes’ Mashaba neqembu labaqeqeshi.

URakhale ulokhu edlala ibhola eliyingcwenga ngaphansi kuka-Eric Tinkler, kanti nakweye-CAF Confederation Cup akazibekile phansi, kusho umbiko weSiya crew.

Lo mdlali, 25, ufake elinye lamagoli amabili ngesikhathi amaBhakabhaka ebhaxabula i-CS Sfaxien ngo 2-0, njengoba ezikaTinkler ziya ngokusondela kweyandulela owamanqamu.

OLUNYE UDABA: OweBucs uhlabeke umxhwele ngo-Issa Sarr

Ngokomthombo osondelene neSAFA, lo mdlali owazalelwa eSebokeng ubhekwe ngelokhozi ithimba labaqeqeshi beqembu lesizwe ngenxa yokudlala kwakhe kwakamuva.

“Ithimba labaqeqeshi lithathekile ngendlela lo mfana adlala ngayo, ngeke simangale uma uMashaba embizela eqenjini lesizwe,” kudalula lo mthombo.

URakhale kulindeleke ukuthi abe yingxenye yesikwati esizodlala neSuperSport United ngoLwesibili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.