OweSundowns uphawula ngemali efunwa uKhune

2015-07-20 10:44

Johannesburg - Kubukeka sengathi umholo ofunwa u-Itumeleng Khune ungase umvalele iminyango naseqenjini leMamelodi Sundowns.

UKhune ubebalwa nabanye abadlali abahola kakhulu kuPSL ngaphambi kokushiya iKaizer Chiefs ngenyanga edlule. Kanti manje imali ayifunayo kubukeka sengathi ngisho neqembu elaziwa njengelidla izambane likapondo kuleli, iDowns, ngeke likwazi ukumnika le mali ayifunayo.

Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane akazange elokhu enanaza ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe bayamfuna yini lo mdlali.

Funda nalolu daba: IChiefs yasiwina ngengcacamezela eseligi

"Ngikholelwa wukuthi uKhune ungunozinti ohamba phambili kuleli. Akulula ususayinisa umdlali onjalo. Uma umfuna kuzomele uphinde ukwazi ukumkhokhela,” kusho lo mqeqeshi, kubika iKickOff.com.

"Angisho ukuthi ngeke sikwazi ukumkhokhela kodwa kumele akhokhelwe imali efanelwe abadlali bakuleli [abadlali bakuPSL]. "

UMosimane uqhube wtahi: "Kuyancintiswana manje, abadlali abancane bayazibonakalisa futhi uma ungadlaleli imali, uzozithola udlalela iqembu elikhulu.” 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.