OweTrompies ufuna ukuhlanganisa uJub Jub nemindeni

2015-01-19 18:30

Johannesburg – Umculi weKwaito olungu leqembu lodumo iTrompies u-Eugen Mthethwa uveze ukuthi uzimisele ukuhlanganisa uMolemo Jub Jub Maarohanye nemindeni yezingane ezashona nezalimala.

ISunday Sun ithole ukuthu u-Eugene obuye abe yibamba likaNobhala Jikelele wenyunyana iCreative Workers Union usezinhlelweni zokudingida indlela eya phambili noJub Jub owazakhela udumo ngengoma Ndikhokhele nemindeni yezingane.

UJub Jub noThemba Tshabalala bagwetshwa iminyaka eyishumi ngemuva kokushayisa izingane zesikole ezinye zashona kwathi ezinye zasala ziyizinkubela ngemuva kokuqhudelana ngezimoto emgwaqweni omncane ngo-2010.

OLUNYE UDABA: UJub Jub izophinde azame inhlanhla

U-Eugene utshele leli phephandaba ukuthi ngemuva kokuzwa izingoma zikaJub Jub ezine okubalwa kuzo Phind’ Ukhulume, Jerusalema, Ndikhokhele ne-Iyeza kumeze wabona ukuthi lo mculi ungumuntu osondelene noNkulunkulu.

“Wayezimbandakanya nabantu abangalungile kodwa izingoma zakhe ziveza okusenhliziyweni yakhe.

Angiphikisani nokugwetshwa kwakhe kodwa ngokwemfundiso yebhayibheli ethi uma umuntu evuma futhi ekhombisa ukuzisola ngesono sakhe kumele axolelwe,” kusho u-Eugene enanela ngokuthi uzoqale ahlangane nalo mculi bese eyohlangana nemindeni ethintekayo ukuze kubonakale ukuthi ayikho indlela eyaphambili engaqhamuka.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.