Owesifazane ugwazwe wabulawa ngokuvula elokunukubezwa

2015-07-17 18:11

New Dehli – Owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala ugwazwe waze washona amahlandla amaningi ngabalisa ababili ngemuva kokubhikishela ukuhlukunyezwa ngokocansi kwabantu besifazane enhlokodolobha yase-India iNew Delhi. 

Ngokubika kweHindustan Times lona wesifazane uhlaselwe abalisa ababili emakethe yaleli dolobha ngoLwesine ebusuku.

Laba balisa bamgwaze bephindelela amahlandla angu-35 ebusweni, isesifubeni nasesiswini.

Kubikwa ukuthi lona wesifazane uzamile ukubaleka ukuyozama ukuthola usizo ngemuva kokugwaza  kodwa lezi zigilamkhuba zaqhubeka nokumgwaza wabe esephangalala.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owashadisa indodakazi ena-12

“Ngesikhathi ezama ukubaleka bamlandelile baqhubeka nokumgwaza wabe esequleka,” kusho omunye wabazibonela etshela isiteshi sikamabonakude eNdiya. 

Unina wale ntombazane naye uthole amachaphazelo ngesikhathi ezama ukuhlenga indodakazi yakhe. 

Kubikwa ukuthi lona wesifazane wavula icala lokunukubezwa ngokocansi yilaba  besilis ngo-2013.

“Ukube amaphoyisa akwazi ukwenza umsebenzi wawo kusanesikhathi ngabe konke lokhu akwenzekanga,” kusho omunye wofakazi etshela abezindaba.

Kubikwa ukuthi laba basolwa baboshiwe bathweswa icala lokubulala.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.