Owesifazane waphalaza isibankwa

2015-07-24 12:39

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-45 ubudala waseGa-Maile waya kumphrofethi eyocela usizo ngemuva kokuzwa ngaye ephephandabeni iDaily Sun.

NgoLwesibili abeDaily Sun babike ukuthi umphrofethi uBruce Choma usize umndeni wakwaMalekas obuhlaselwe yimimoya emibi.

Lo mphrofethi waseTshehlwaneng ngaphandle kwaseJane Furse eLimpopo wenze esinye isimanga esenze ukuba uMaggie Mashilo aphalaze isibankwa nobuhlalu.

OLUNYE UDABA:Unkosikazi uthi ingekho imbuzi ngeke lwenziwe ucansi

Ngokusho kukaMashilo lesi silwane sesihlale iminyaka ngaphakathi kuyena, simenza isiyezi simphathisa nangesisu.

Lo mama wezingane zinhlanu uthe usehambe izangoma eziningi nezibhedlela kodwa lutho ukusizakala.

"Besingiphilisa kabuhlungu kodwa ukufunda ngodaba lwalomphrofethi kwangenza ukuba ngiyisukumele le nkinga.Benginethemba lokuthi uzongelapha," kusho uMshilo.

UMashilo uqhube ngokuthi waqala ukuzwa into enyakazayo esiswini sakhe ngonyaka wango-1992.

UChoma uthe umuntu onezinhloso ezimbi othumele lesi sibankwa kuMashilo kanti besifanele siqinisekise ukuthi sicekele phansi impilo yakhe angakutholi ukuphumula.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook     



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.