Owesifazane waqeda u-R90 000 neshende

2015-06-05 16:07

Bulawayo - Owesifazane wabaleka neshende wayobhubhudla imali engango-R90 000 kuphuzwa ubhiya, imali okwakufanele isetshenziselwe ukuthenga isiza, lokhu kutshelwe imantshi. 

Lesi sigameko senzeka endaweni yaseDromoland ngoMeyi. 

UMariam Sibanda washada noThabani Sibanda.

Kubikwa ukuthi uMariam wabaleka neshende lakhe, uMaqhawe Moyo, osebenza eNingizimu Afrika nemali yomndeni ebigcinwe esisefeni.

UThabani wabikela amaphoyisa ngesenzo sikankosikazi wakhe uMariam nowaboshwa esekilabhini.

Umariam waliphika icala lokweba enkantolo, kubika iBulawayo24.

OLUNYE UDABA: Abazali babhikishele othisha abashela abafundi

"Nkosi yenkantolo, ngathatha imali engu-R5 000 kuphela, ngasebenzisa u-R2 500, angizange ngithathe u-R90 000. Esisefeni ngashiya imali engu-R85 000," kusho uMariam.

Yize kunjalo umyeni kaMariam wayelokhu esho njalo ukuthi unkosikazi wathatha u-R90  000.

"Nkosi yenkantolo nginesiqiniseko sokuthi imali yathathwa ngunkosikazi ngoba nguye obegcine izikhiye zesisefo."

"Isisefo ngasifica sivuleke gengelezi ngaphandle kwezimpawu zokuba kukhona osigqekezile kanti lokhu kube sekungiphoqa ukuba ngikholwe wukuthi nguye othathe imali.

"Ungumuntu ongenandaba nje, sengikhathele nguye," kusho uThabani.

UMirriam ugcinwe esitokisini kuze kushaye umhlaka-9 Juni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.