Owesilisa udephunwe amagovu washona eGoli

2014-12-29 09:44

Johannesburg – Ushone kabuhlungu owesilisa ngemuva kokuhlaselwa yizinja ezintathu ePirimrose eGermiston, kanti umnikazi wazo angase abhekane necala lokubualala.

Ngokubika kweThe Star owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala obesebenza njengonogada wenkundla esikoleni samabanga aphansi i-Oorsterkruin uhlaselwe yila magovu ngemuva kokuba eputshuke esikhaleni sothango emgwaqweni uWeert eduze kwalesi sikole.  

Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Frank Nkuna uthe ngeSonto kukholwakala lezi zinja ziphume egcekeni lapho zihlala khona zahlasela owesilisa zamudephuna ngamazinyo waze washona.

OLUNYE UDABA:Izinja zidle izidumbu zababulawe yi-Ebola

Elinye lamaphoyisa elikhulume naleli phephandaba elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe lezi zinja ziphinde zaluma nomunye obezidlulela obezama ukusiza.

“Kuze kwasiza ukuqhamuka kwephoyisa ebelingasebenzi ladubula eyodwa yalezi zinja yafa,” lichaza.

Kubikwa lezi zinja ezimbili zithathiwe zayogcinwa kwa-SPCA eGremiston. UNkuna uthe sekuvulwe idokodo ngokufa kwalo mlisa kanti amaphoyisa aseqale uphenyo.

Uqhube wathi uma kwenzeka kutholakala ukuthi umnikazi walezi zinja ube budedengu kungenzeka abhekane necala ngokufa kwalo mlisa.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.