New York - Umakadebona wezempi usephonsele inkantolo inselelo kulandela ukuthi imnqabele ukuba ashade ne-laptop yakhe.Leli cala lithi alifane nefilimu i-Her lapho owesilisa eba nemizwa yomshini okhulumayo, kubika iDaily Mail.UChris Sevier wafaka amaphepha eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eMelika wathi uma izitabane zivunyelwa ukuba zishadane zodwa, akaboni ukuthi kungani enqatshelwa ukuba ashade neMacbook yakhe.OLUNYE UDABA: Bazibulele ebebefuna ukushadaUSevier uthi ama-computer yiyonanto emvuselwa imizwa yocansi kanti futhi uyaluthokozela ucansi nawo uma kuqhathaniswa ‘nabesifazane bangempela’.Lo wesilisa wazama ukushada nalo mshini, athi uqukethe izithombe zocansi, kepha wanqatshelwa yizikhulu.“Iyacika indaba yokuthi ngikhishwe inyumbazane ngokuthi nginqatshelwe ukuba ngishade nomshini wami engiwuthandayo.”USevier uthi ngeke aze aliphonse ithawula kuze isicelo sakhe siphumelele. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho - Landela IzindabaNews24 kuTwitter