Owesilisa ugwetshwe engu-15 ngokweba iziklabhu

2015-08-14 10:03

Durban - Owesilsa olwahlwe amacala okweba iziklabhu ezingu-30 ugixabezwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngokusho kwabeNational Prosecuting Authority.

Okhulumela abe-NPA uNatasha Ramkisson-Kara uthe uMzwandile Hlwili nabaye abathathu bagwetshwe ngokwehlukana yiNkantolo yesiFunda yaseKokstad ngoLwesithathu.

Laba baboshwa ngemuva kokuba amaphoyisa emise iveni ababehamba ngalo.

OLUNYE UDUBA: Kungenzeka ukuthi akasekho nakuleli oweba usana

Amaphoyisa athola iziklabhu ezingu-30 kulona kanti ezingu-24 zalezi ziklabhu zasezishonile ngenxa yokuminyana kwaleli veni.

URamkisson-Kara uthe oyedwa walaba basolwa wazivumela ngokwakhe ukuthi lezi ziklabhu zabe zintshontshwe epulazini laseCedarville.

Kwathi abanye bawaphika amacala okweba kodwa ngesikhathi kuqhubeka icala babebhecana futhi ubufakazi babo bungahlangani.

Abanye okungoZwelakhe Nokwabuza, 33, noMabhekela Nojaja, 52, bona bagixabezwe engu-10 bebhadla etilongweni kwathi uSolethu Nokwabuza, 24, wathola engu-12.  

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.