Owodumo angase abonakale okokuqala edlubhe ezeChief

2015-08-13 14:30

Johannesburg – Umgadli weBafana Bafana uBongani Ndulula angase abonakale okokuqala enkundleni egijimela iKaizer Chiefs emdlalweni owandulela amanqamu we-MTN8 neBloemfontein Celtic.

ISiya Crew ekuqaleni kwaleli sonto ibike ukuthikungenzeka uNdulula noSiphelele Mthembu bangabonakali kulo mdlalo ongempelasonto ngemuva kokulimala.

Ezakamuva kuvela ukuthi laba bagadli sebeluleme njengoba sebeqalile ukuzilolonga nqembu.

Umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela uthe laba badlali kungenzeka babonakale kulo mdlalo womlenze wokuqala  neSiwelele ozoba ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Baphila ngamagundane namakati ababengabavukuzi

Ngesikhathi ebizwa ngabadlali abalimele uKomphela uthe:

“UMorgan Gould namanje akakalulami, kanjalo noMtsweni noCardoso nabo basalimele.

Kodwa kuyajabulisa ukubuya kukaMthembu noNdulula eqenjini okwamanje.”

Kulo mdlalo kuvele ukuthi uGould Cardoso, Mtsweni noBriliant Khuzwayo ngeke babonakale kulo mdlalo.

UKomphela uveze ukuthi noma ngabe yibaphi abadlali abazoba yingxenye yalo mdlalo unethemba lokuthi bazowenza umsebenzi. 

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.