Sayinqoba kunjena iligi nangokudlule - OweDowns

2015-01-07 07:49

Johannesburg - UCuthbert Malajila uthi iMamelodi Sundowns ngeke iqale iphonse ithawula embangweni wesicoco se-Absa Premiership, nakuba ishiywa yiKaizer Chiefs ngamaphuzu angu-15.

Amakhosi awakaze ehlulwe kweyeligi kule sizini, kodwa lo mdlali waseZimbabwe uthi nangesizini edlule izinto zazimi kanjena kodwa bagcina besithathile isicoco.

“Okwamanje kusengenzeka noma yini,” usho kanje kwiKICK OFF.

“Ngesikhathi esifanayo ngesizini edlule iKaizer Chiefs yayisishiya ngamaphuzu angu-12 kodwa sakwazi ukuthatha isicoco. Uma sakwazi ukuthatha isicoco ngesizini edlule, yini engasivimba manje?”

Funda nalolu daba: Ibhantshi ligcwale umoya kumqeqeshi wodumo.

“Sinabadlali abanohlonze futhi sonke sisebenza ngokuzikhandla ukuvikela isicoco sethu. IKaizer Chiefs isazodlala nathi futhi luselude ukhalo.”

“Ngikholelwa ukuthi iChiefs isazohluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele kweminye imidlalo elandelayo, kanjalo neSundowns. Kodwa indlela esizoqhubeka sidlale ngayo namanye amaqembu iyona ezocacisa, hhayi umdlalo wethu neChiefs kuphela,” usho kanje. 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.