Sibanjwe sihuqa ubuthongo isiwula sesigebengu

2015-07-23 07:37

Johannesburg - Ngemuva kokuba umuntu othile egqekeze wangena emotweni izikhawu ezintathu wathatha i-stereo nezipikha, uThami Malinga uwathatha isinqumo sokuba afake ikhamera.

Kodwa ekugcineni akudingekanga ikhamera ukuze abambe umsolwa.

Phela isiwula sesigebengu savele sahuqa ubuthongo emotweni – uThami wasibamba ngakusasa ekuseni!

UThami,42, waseMeredale, eNingizimu neGoli uthe akumthusanga ukuthola ukuthi isigebengu singumakhelwane wakhe.

Uthi ubelokhu esola umakhelwane kodwa wayephika ngokuthi yena uyasonta njalo nje uma embuza.

Funda nalolu daba: Kushone 2 bedubulana namaphoyisa

Uthi umakhelwane wakhe umthole esalele emotweni yakhe yeToyota Tazz ngesikhathi ethi uyoshisisa injini ngoLwesibili ekuseni, ngaphambi kokuya emsebenzini.

 “Angimvusanga kodwa ngabiza amaphoyisa kuqala. Ngesikhathi ngisalinde amaphoyisa, ngahamba ngayobheka emakhamereni ukuthi ungene kanjani ngoba angizwanga lutho.”

Uthi kwamshaqisa akubona ngoba umakhelwane wakhe lona wayeyazi kahle imoto yakhe, wayazi nokuthi icishwa kuphi i-alarm.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer De Bruyn Jerbes uthe kuvulwe icala lokuzama ukweba esiteshini samaphoyisa aseMondeor.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesibili, kubika iDailySun.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.