Sifuna ukuwunqobela umqeqeshi oweMTN8 - ukaputeni

2015-08-04 10:08

Johannesburg – Ukaputeni weKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala uthe bafuna ukuwunqobela umqeqeshi wabo uSteve Komphela umdlalo wabo wokuqala womqhudelwano we-MTN8 neMaritzaburg United.  

Amapkhosi azobhekana neTeam of Choice e-FNB Stadium eGoli kusasa ngoLwesithathu ebusuku.

Lona kuzobe kuwumdlalo kaKomphela wokuqala ngokusemthethweni njengomqeqeshi waleli qembu elibe ngoshampeni beligi ngesizini edlule.

OLUNYE UDABA:  Usesayine neSupersport obegijima phesheya

Kuzokhumbuleka futhi ukuthi uKomphela ubeqeqesha iTeam of Choice ngaphambi kokuba ajoyine iChiefs.

UShabba uthe njengabadlali bayakuqonda ukubaluleka kwalo mdlalo kuKomphela.

“Sidlala neqembu abeliqeqesha, kuzoba umdlalo ojulile kakhulu kuyena,”kusho uShabba ngokubika kweKickOff.

“Kumele simdlalele siqinisekise ukuthi siyamnqobela lo mdlalo.”

Amakhosi azoya kulo mdlalo ezovikela isicoco sawo njengoba ngesizini edlule iyona eyanqoba lo mqhudelwano.

“Sibe nesizini enhle kakhulu ngeledlule. Ibinzima kodwa sikwazile ukubhekana nenselelo nengcindezi.”

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.