Siphumelele isicelo sowabulala ingane

2015-08-24 14:33

Cape Town – Ozibiza ngombulali wengane, owakhululwa uMbuso, sesiphumelele isifiso sakhe sokuvalelwa ejele ukuze ezojeza ngecala lakhe.

Ngeledlule kubikwe ukuthi uWesley Cupido wadedelwa esitokisini ngoba abashushisi behluleka ukuthola ulibofizo okuyilona olwaluzoqinisekisa ukuthi uyena owabulala uBrighiette Shenabe, 11.

Lo mlisa oneminyaka engu-26 ubudala utshele iDaily Voice ukuthi wayedle izidakamizwa ngesikhathi ebulala intombazanyana ngaphambi kokuba ayimboze ngezingodo ngakubo kwayo eRobinvale, e-Atlantis ngoJanuwari1.

Umufi wayengumshana walowo owayeyintombi yomsolwa.

Ngeledlule uCupido uthe kwamthusa ukubona inkantolo imdedela ngenxa yokuthi yayingekho iDNA.

Funda nalolu daba: Ushone enza akuthandayo undodana - Umama

U-Eric Ntabazalila, okhulumela iNational Prosecuting Authority, uthi icala lahoxiswa okwesikhashana kuze kube uMbuso ukubona sekuyisikhathi sokuba aboshwe umsolwa futhi.

Kodwa uCupido ubelokhu emile kwelokuthi kumele avalelwe ngecala lakhe.

NgoLwesihlanu isifiso sakhe sifezekile.

UCupido uvele eNkantolo yeMantsho yase-Atlantis nokuyilapho ephinde wathweswa khona icala lokuthumba nelokubulala.

Icala likaCupido lizodluliselwa eNkantolo eNkulu yaseKapa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.