Sizamile ukunqoba - uPitso

2015-08-06 10:01

Johannesburg – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthe udumele ngokukhishwa kwezakhe yiBloemfontein Celtic emqhudelwaneni we-MTN 8.

AmaBrazilians akhishwe kulo mqhudelwano yiPhunya Sele Sele sekukhahlelwa amaphenathi eLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu. 

UMosimane uthe iqembu lakhe belingawulindele lo mdlalo.

“Bayazi abadlali ukuthi kumele sidlale umdlalo walolu hlobo ngayiphi indlela njengoba kumele sihlasele silwele ukunqoba ngasosonke isikhathi,” kusho uMosimale ngemuva kwalo mdlalo. 

OLUNYE UDABA:  Kusisizile ukuthethiswa umqeqeshi - Lebese

“Sizamile ukuhlasela saze salithola igoli kodwa nayo iCeltic ayidembeselanga njengoba nayo Ibiza ngamandla kithina,” kusho uMosimane ngokubika kweSoccer Laduma.

“Sizamile ukunqoba kodwa nizibonele ukuthi besingawulungele lo mdlalo, sinabadlali abalimele kodwa kulungile.

Kuzomele sibheke ezinye izindebe ezikhona ikakhulukazi eyeligi.”

UMosimane unanele ngokuthi uphoqelekile ukuthi amkhiphe umdlali uKeagan Dolly ohlabane nomklomelo wokuba umdlali ovelele.

“Kumele ngiyincome iCeltic ngendlela edlale ngayo badlale ngendlela efanayo nalena abasihlula kuyona ngo-5-0.

UDolly ulimalile, uMashaba ubengasenawo amandla okuqhubeka nomdlalo saphoqeleka ukuba sibashintshe,”kuphetha lo mqeqeshi. 

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.