U-AKA udumele ngohambo lwaseMauritius

2015-01-14 12:31

Johannesburg – Isihlabani somculo weHip Hop u-AKA uzwakalise ukudumala ngohambo lwakhe lokuvashela eMauritius nesithandwa sakhe u-DJ Zinhle.

Ngokubika kweTimeslive uzwakalise ukudumala kwakhe enkundleni yokuxhumana i-Instagram lapho eveze ukuthi uhambo lwabo seliphenduke lwaba muncu ngenxa yesimo sezulu esiqhingini saseMauritius esidume ngolwandle, isibhakabha nokubalela.

Kubikwa ukuthi lezi zithandani zifulathele iNingizimu Afrika ngempelasonto edlule ukuyozipholela ngemuva kokuba matasa ngemicimbi eyahlukene ngamaholidi kaDisemba.

Ngokombiko isimo sezulu eMauritius asisihle neze njengoba kunezivunguvungu zomoya nemvula eshaya ngamandla.

OLUNYE UDABA: UDJ Zinhle usekhathele ukuqonywa kwesoka lakhe

Ekuqaleni kwaleli sonto inkampani yezindiza kuleli iSouth African Airways ikhansele izindiza eziya kulesi siqhingi ngenxa yesimo sezulu esibi.  

U-AKA ubhale kule nkundla wathi: “Obekumele kube yisonto lesibhakabhaka nelanga selingishiye ngizizwa sengathi ngimoshe umcebo wami.

"Kusukela ngifikile la kushaya izivunguvungu zomoya, amafu nezimvula. Ngiqoke ukuthatha ikhefu kodwa bheka manje osekwenzaka," ebhala.  



     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.