U-DJ uthi wayemthanda umufi

2015-08-06 17:29

Johannesburg - Kuqulwa icala lowayenguDJ weJozi FM osolwa ngokubulala intombi yakhe uDolly Tshabalala eSoweto ngonyaka ophelile, uDonald Sebolai odume ngelikaDJ Donald Duck.

Icala elibhekene nalo DJ liqulwa eNkantolo eNkulu yaseGoli ehlezi ePalm Ridge.

Ngesikhathi uDonald ethula ubufakazi ebhokisini ngoLwesithathu ntamabama  uthe ubudlelwano babo babunezinkinga.

Funda nalolu daba: Kuboshwe owesifazane ngosana olutholwe ePMB

UDonald utshele inkantolo ukuthi babethandana kakhulu besanda kubonana kanti futhi wayecabanga ukuthi izingxabano ababebanazo zaziyingxenye yobudlelwano.

Yize kunjalo uDonald ukushilo ukuthi isikhwele kwakuyinkinga enkulu othandweni lwabo.

“Ngamthanda kusukela ekuqaleni,” kusho uDonald etshela inkantolo.

Icala belihlelelwe ukuba liqhubeke ngezithuba zabo-11:30 kodwa lahlehliswa ngoLwesine ekuseni yijajiu uCassim Moosa  ngoba umshushisi u-Elize Le Roux ubedingeka kwelinye icala.

Icala lizoqhubeka kusasa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.