UBukenya angasivala esikaKatsande - Baxter

2014-12-22 13:31

Johnnesburg – Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uveze ukuthi umdlali wasemuva kuleli qembu u-Ivan Bukenya ukulungele ukuvala isikhala sikaWillard Katsande osalimele.

UBaxter kuphoqeleke ukuthi asebenzise umdlali wasemuva uBukenya ngemuva kokulimala kuka-Katsande oyinjini yaMakhosi esiswini.  

Emidlalweni emibili kudlala uBukenya endaweni kaKatsande wenze ezibukwayo njengoba iChiefs yabua namaphuzu aphelele kwiFree States Stars neMpumalanga Black Aces.

Ephawula kwiwebsite yeChiefs uBaxter uthe:

OLUNYE UDABA: Sazama konke okusemandleni - Bukenya

“Ngemuva kokulimala kukaKatsande sasithukile ngokuthi ubani ozovala isikhala sakhe kodwa uBukenya usephakamise isandla wazibonakalise ukuthi angakwazi ukudlala esiswini njengoba eneze umsebenzi oncomekayo futhi kumele athweswe uphaphe ngokudlala kwakhe,”

kusho lo mqeqeshi ngokubika kweSoccerLaduma.

UKatsande uzothola ikhefu lezi nyanga ezimbili ngemuva kokuba izwe  adabuka kulona iZimbabwe lehlulekile ukuya kwi-2015 Afcon e-Equatorial Guinea.

Lokhu kuzomnika isikhathi esanele sokuthi alulame ngokuphelele ngaphambi kokubuyela enkundleni ngonyaka ozayo.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.