UDJ wodumo ushonelwe yindodana engozini yomlilo

2015-07-28 07:42

Johannesburg – UDJ wodumo lomculo weHip Hop obuye abe ngumdidiyeli uC-Live usemanzini ngemuva kokushona kwendodana yakhe engozini yomlilo eyenzeke emzini wakhe.

Ngokubika kweSowetanLive lo DJ naye olimalile kule ngozi yomlilo ushonelwe indodana yakhe eneminyaka engu-11 ubudala uNadiff oshone ngemuva kokusha umlilo kanti kuphinde kwasha nenye ingane yakhe eneminyaka eyisithupha ubudala uFuneka.

Kubikwa ukuthi uFuneka usesimweni esibucayi esibhedlela iJohannesburg East. 

Unina walo DJ, ogamalakhe langempela uClive Tshabalala, uVirgina Tshabalala ukuqinisekisile ukuthi indodana yakhe yodumo lokudidiyela uhlelo lomculo kwi-etv iClub 808 isathola ukwelashwa ngemuva kwalesi sigameko.  

OLUNYE UDABA:I-ANC ikhalisana nomndeni nabalandeli beNdidane

Osaziwayo abahlukene bazwakalise ukuzwelana nalo DJ ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi iTwitter.

“UNkulunkulu unikeza amasosha akhe aqinile izimpi ezinzima@C_Live. Sengathi ungathola amandla, uthole nokuthula.

Usemicabangweni nasemthandazweni yami,” kubhala uBonang Matheba kule nkundla.

“Ngidlulisa amazwi enduduzo kuC_Live nomndeni wakhe! Ngiyathandaza sengathi uMdali angaba nawe, akuvikele ubuyele emndenini, kubangani nakubalandeli bakho,” kubhala umculi uVusi Nova.

“Imithandazo ebhekiswe kuwena nomndeni wakho Bhuti,” kubhala uBlack Coffee.

Imbangela yalo mlilo ibingakaziwa kodwa uphenyo luyaqhuebeka ngayo.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.