'UJesu yindoda emadodeni hhayi amaKristu!'

2015-06-17 15:59
Sibongiseni iNtshebe Shangase

Sibongiseni iNtshebe Shangase (Own)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Cape Town - Kukaningi ngithi ngihlokoloza izici zebhayibheli kusukume legenge esindisiwe ithi ayingidle ingifele. Nakhu okumele nikwazi basindiswa, iNtsheb’emnandi kwabayidlayo angeke uyiqede, it is unqedeble!

Isizathu esingenza undingas’thebeni, ngingasonti ndawo, ukuphicwa kwezwi ezinkolweni zonke ezisuselwe eBhayibhelini. Ungabanaki laba abangipha ukuba yiNazaretha, yilegenge ephaphayo esindisiwe egazini nasegameni likaJesu kodwa ibe yenza okunye.

Iningi labantu abakholwa ezinkolweni bavama ukuthi batolike ukufa kukaJesu njengomhlatshelo owanikelwa nguJehova uYise kaJesu kubantu ukuze abantu basindiswe ekufeni nasekubhubheni okungunaphakade…ngoba uJehova ethande abantu ngaphezu kwendodana yakhe?

Ukuhunyushwa kwezwi kwenza sihluleke ukuthola umqondo owodwa ovumelanayo eBhayibhelini njengoba mumva nje abefundisi sebedlisa amakholwa utshani behlise ngo-petrol nabanye bethatha isithembu ngalo belu izwi likaJehova.

Funda nalolu daba: Abazithibe abashada ngephutha

 Ake ngigxile ekutheni ngimthandaphi uJesu ngaphandle kwala ejika khona amanzi ewenza iwayini.

UJesu wazalwa, waphila, wakhula wafa, ngimthanda kulesosigaba kuphela ngoba lesi sokuvuka sidinga ‘umusa” wakhe ebengingakawuzuzi nokho ukuze ngikukholwe. UJesu uzalwe vele ibambene ngezihluthu ngenxa yenkolo kaMose eyayinemthetho ehlasimulisa igazi neyayikhuthaza ingcindezelo, udlame nonya.

Nakhu la ngimthanda khona uJesu, ekukhuleni kwakhe wanqanda lesihlava sonya nenzondo nodlame olusethestamenteni elidala nokuyiyona-nto ayifela, ungadidwa yilaba abathi wafela thina. Ngokomthetho wenkolo azalelwa kuyo kwakuyicala elibomvu ukwephulwa kweSabatha kangangokuba ophule iSabatha wayebulawa, wafika uJesu wayijika leyonto.

Inkolo yayithi uma owesifazane eshadiswe engaseyona intombi-nto kumele agxotshwe ngamatshe wathi uJesu anikameni ukubalala abantu egameni likaNkulunkulu. Ngokwenkolo kwakuyicala elibomvu ukutholakala kwevezandlebe esontweni  kuze kube yisizukulwane seshumi, wayijika yonke leyonto uJesu.

Funda nalolu daba: Angihlobene nengane yomkami engingayizali

Kwakuyicala ukuphinga, ubulawa futhi uma uphingile kodwa uJesu wathi woga…nizoze nimuhluze umuntu ngamatshe ngoba ephingile nina aninazono yini. Zonke lezinto zamenza wanyamana-mbana kubaholi bamabandla ababebusa ngaleso sikhathi nookwenza bamakhele uzungu lokumjuqa ngoba wayeyingozi ekusaseni lenkolo yabo ababeyihlonipha kangangokuba babeyivikela nanxa kubiza ukufa.

Ukube uJesu waphila sekukhona iBhayibheli wayezolikebhula ngendlela eliyimbude ngayo ngoba abantu badlisana utshani kuphuzwe noPetrol nje kungenxa yokugunyazwa yilo belu iBhayibheli.

UJesu wayeyindoda emadodeni hhayi ngoba avikela abaqwayizi noma aphendula amanzi aba yiwayini wathi aziphuze izinsizwa, kepha ngoba wama yedwa emelene nenkolo eyayigqugquzela iso ngeso waze wafa ethi iso ngeso lishiya amachide nezimpumputhe. Yinkunzi uJesu hhayi amaKristu.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.