UKelly Khumalo uyindlovukazi - Bhaka

2015-01-23 14:33
Johannesburg - Inyanga yodumo yaseThekwini uZamokwakhe “Bhaka” Nzama ukhulume wathi abantu abafunde ukunaka izindaba zabo ngesikhathi ebuzwa ngomzwilili uKelly Khumalo.

UBhaka uvumile ukuthi wayenzele udadewabo kaKelly, uZandi, isiphihli sephathi, waphika kodwa ukuthi kukhona okuqhubekayo phakathi kwakhe nalezi zelamani, kubika iDrum.

“UKelly uyindlovukazi futhi kumfanele ukuphathiswa okweqanda,” esho.

OLUNYE UDABA: Ngisizwa ukugxila kakhulu kuMdali – Kelly Khumalo

Ebuzwa ngokuthi ngabe unkosikazi wakhe uphatheka kanjani njengoba ehla enyuka nalezi ziphalaphala zakwaKhumalo uthe: “Unkosikazi wami uyazi ukuthi sihlanganiswe yibhizinisi nabo ngakho akanankinga.

"Futhi-ke nje angishadile ngokusemthethweni, ngakhokha ilobolo kuphela."

UBhaka uphikile ukuthi wabonakala etenda noKelly ebhishi, wathi babehambisana nabanye abantu.

Le nyanga idume kakhulu ngezimbiza zayo ithi yasiza abaculi abafana noBullistic noDeborah Fraser.

UBhaka uthe ukube ubethandana noKelly ubengeke akufihle lokho.

“Ungumuntu onenhliziyo enhle kanti wonke umuntu wesilisa angakuthokozela ukuthandana naye,” esho.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
3 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.