UKhanda leButternut akayena uMandela - Malema

2015-07-23 12:35

Rustenburg – Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema umangaze izinkumbi zabantu ngesikhathi eqhathanisa ikhanda likaMengameli Jacob Zuma nethanga (butternut).

“Niyazibonela nani ukuthi uKhanda le-Butternut akayena uNelson Mandela. UMandela ubengeke abhubhudle izigidi zamarandi ezakhele u-swimming pool ekubeni izingane zakhe zihlala emijondolo,” kusho uMalema ngokubika kweDaily Sun.  

Ekhuluma eLuka ngaseRustenburg eNorth West, uMalema utshele abantu ukuthi bayeke ukuvota ngemizwa yabo futhi bangaqhubeki nokuvotela uMandela ngoba usashona.

“Ningathi nivotela uMandela uma nivotela i-ANC.

OLUNYE UDABA:Incwadi etholake emzini kaZuma iveza okuthusayo

UMandela akasekho emhlabeni.”

Uthe i-ANC ayisoze yanikeza abantu isithunzi esibafanele ngoba isithunzi siqhamuka kumathoyilethi anamanzi nompompi abanamanzi ahlanzekile ezindlini.

“Izinkomo zikaZuma ziphuza amanzi akwi-fire pool ebiza u-R4 million ekubeni nina nisahluleka ukuthola amanzi okuphuza.

Isikibha esiyellow asisoze sakulethela isithunzi,” kusho lo mholi.  

“Kwakumele athathe u-R500 000 aninikeze amanzi namathoyilethi.

Kwakuzoba ngcono ukube wathatha imadlana encane ku-R246 million awuchitha eNkandla wanakhela izindlu.

Izinkukhu zikaZuma zihlala ezakhiweni ezakhiwe ngendlela esezingeni.

Azazi nokuthi imvula injani ekubeni nina nihlala emijondolo econsayo uma kunetha.”  

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
7 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.