UKhozi luzophenya nge-video ka’Zondo’

2015-01-21 17:28
Johannesburg - Isikhondlakhondla somsakazo uKhozi FM luveze ukuthi luzoqala uphenyo mayelana ne-video okusolakala ukuthi itshengisa uMfundisi Sthembiso Zondo ebhushuzela.

Le video yowesilisa obukeka futhi iphimbo lakhe elifana nelikaZondo, odume ngezinkulumo ezakhayo oKhozini, isabalale okomlilo wequbula ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili.

Le video engaziwa umsuka wayo, iveza owesilisa ekhuluma nomakhalekhukhwini, ehla enyuka endlini eshaya ngesudi yesele.

Kubonakala owesifazane oyithwebulayo ngezansi.

OLUNYE UDABA: Kahleni ngamatshe, unenzeni uZondo?

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago uthe uKhozi luyazi ngale video ezungezayo.

“Siyibonile i-video kanti udaba siluthatha njengolubhekene nempilo yothintekayo yangasese,” kusho uKganyago etshela iphephandaba iThe New Age.

Uthe: “UKhozi luzophenya ngalolu daba ukubona ukuthi ngabe nguZondo ngempela yini okuleya video, nokuthi ngabe lokhu kuzosithinta kanjani isithunzi somsakazo.”



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.