UKhuzwayo utusa iqhaza likaKhune

2015-01-06 12:31

Johannesburg - Unozinti weKaizer Chiefs neBafana Bafana uBrilliant Khuzwayo uncome kakhulu u-Itumeleng Khune ngokumsiza ukuba naye abekuleli zinga.

Kuqale isizini lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala ehlala ebhentshini futhi ukubizelwa eqenjini lesizwe kuyinto ekude kunaye, kodwa manje sekunguyena unozinto ophambili weChiefs futhi useqenjini lesizwe eliyodlala kowe-Africa Cup of Nations.

Ukulimala kukaKhune kwavulela uKhuzwayo iminyango, kanti manje lo mdlali utuse iqhaza elidlalwe uKhune kuyena.

Funda nalolu daba: IPirates ithule du ngolukaBibo.

“Ungumuntu okhuthazanayo futhi ngizizwa nginenhlanhla yokusebenzisana naye. Ubelokhu engiqondisa endleleni ngaso sonke isikhathi,” kusho uKhuzwayo etshela iKICK OFF.

“Nakanjani u-Itu ufuna ukulibona lenza kangcono iqembu, ngakho uma iqembu lenza kahle sonke siyajabula,” kuqhuba uKhuzwayo.

Ukuvuka kukaKhuzwayo kwenze wahlaliswa ebhentshini uKhune, nokuyinto esishiye imibuzo ngekusasa lika‘Spiderkid’ eNaturena uma sekuphela inkontileka yakhe ngoJuni.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.